Incwadi esihloko sithi Umlungu Omnyama inoveli yokuqala yalo mbhali kodwa eseyihlomule ngendondo, ikhuluma ngokukhula njengengane ensundu endaweni ebuswa abamhlophe nezimfundiso zabo. Ilandisa ngamantombazane amabili asemancane aphila ezindaweni zasesilungwini eGoli, efunda ezikoleni ezizimele zakobelungu enabangani abamhlophe. U-Ofilwe ovela ekhaya elinothile futhi okhula ephathiswe okweqanda ubekuthatha kalula konke lokhu akhule enakho kanti manje kufanele abhekane nomshophi wokukhula engenasisekelo samasiko, umhlaba aphila kuwona ubonakala ungenamongo futhi untengantenga. Ngakolunye uhlangothi sibona uFiks, oyintombazane ezithandela izinto futhi ezikhulumelayo, ungumuntu oshabashekela impumelelo futhi olangazelele ukufulathela imuva lakhe elinesihluku aye empilweniyasedolobheni yobukhazikhazi, kodwa le mpilo entsha uyithola inzinyana futhi ingenasihe nokwehlukile kulokho abekulindele. Okulangazelelwe yilaba besifazane abasebancane ukuthuthuka nokuthandeka,kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthola ukwamukeleka. Ukwamukeleka, empeleni, kutholakala ngokuba udele konke okukwenzaube umuntu omnyama – osamlungu kakhulu ukuba angahlala nabamnyama, futhi omnyama kakhulu ukuba angahlala nabamhlophe.
Format: Paperback
CONTRIBUTORS: Kopano Matlwa
EAN: 9781431436897
COUNTRY: South Africa
PAGES:
WEIGHT:
HEIGHT:
PUBLISHED BY: Jacana Media
DATE PUBLISHED: 2026-03-02
CITY:
GENRE: Fiction
WIDTH:
SPINE:
Inoveli yokuqala kaKopano Matlwa esihloko sithi, Umlungu Omnyama, yahlomula ngeNdondo ye-2006/2007 European Union Literary Award, yaphinda yaba incwadi edayiswe kakhulu nenoveli eyingqophamlando eNingizimu Afrika, yaphinde yahlabana ngoMklomelo weWole Soyinka Prize for Literature e-Afrika ngonyaka wezi-2010. Amanoveli akhe alandela lapho kwaba esihloko sithi, Spilt Milk nethi Period Pain, nazo ezathola ukunconywa okukhulu kuzingqapheli zezincwadi, inoveli yakhe ethi Period Pain yafakwa ohlwini lwe-Sunday Times Fiction Prize. Incwadi kaKopano yakamuva esihloko sithi, Bosadi, ishicilelwe ngowezi-2025. Izincwadi zakhe sezihunyushelwe ezilimini cishe eziyishumi nambili. Uma engenzi umsebenzi wakhe wokubhala, uKopano usebenza njengodokotela emkhakheni wezempilo kahulumeni futhi unizikele kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu, ikakhulukazi abangenamathuba, bathola ithuba lokuphila ngokunempilo futhi baphile impilo ebagculisayo.
Uneziqu zezokwelapha azithola eNyuvesi yaseKapa, iziqu zeMaster’s ezifundweni zeGlobal Health Science kanye neDPhil (iPhD) ezifundweni zePopulation Health, zombili azithola eNyuvesi yase-Oxford, lapho ayefunda khona njengeRhodes Scholar. UKopano uhlala eGoli nomyeni wakhe kanye nabantwana babo abathathu